Bonke abasebenzisi bamanzi, amanzi abo angaveli kumnikezi wenkonzo , uhulumeni wendawo, ibhodi yamanzi, ibhodi yamanzi emisele yezokunisela , isikimu samanzi kahulumeni, noma abanye abasaplaya ngomthamo omkhulu wamanzi , kumele babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi noMnyango wezaManzi namaHlathi.
ukuchithwa kodoti noma amanzi anodoti ukuphambukisa imifula kanye nemisele, noma ukwenza umehluko ngendlela umfula ogeleza ngayo nokungenela kwenjula yomfula noma kumazibuko emifula noma indlela umfula obukeka ngayo.
Ukugcina amanzi - Noma yimuphi umuntu ogcina amanzi nganoma yiyiphi inhloso , ukwenza igalofu endaweni, nokunye okunjalo, ukusukela kunqenqema lwendawo, amanzi angaphansi komhlaba, noma umthombo oyisisusa , ogeleza ngomthamo ongaphezulu kuka-10 000 cubic meters, noma lpaho khona amanzi asaplaywa endaweni engahezulu kukahekthere eyodwa yomnikazi noma umuntu ohlala khona, noma inhlangano, iphemithi noma imvume.
Imisebenzi ephungula ukugeleza kwemisele - Konke ukungezelwa kwehlathi ngenhloso yentengiso, okubandakanya izihlahla zemiphakathi ngenhloso yentengiso, okwenzeka ngaphambi kukanyaka ka-1972, kumele kubhaliswe.
Abanikazi bamahlathi abanezimvume ezikhishwe ngaphansi komthetho we-Forestry Act, 1998 , asikho isidingo sokuthi babhalise, ngoba sizobathumela amadokhumende aphelele obhaliso, ukuze bachibiyele uma kunesidingo, basayine nokuwabuyisela kwabomnyango.
Ukusetshenziswa ngohulumeni bezindawo kanye nabasaplayi bomthamo omkhulu ngemithombo yabo yamanzi, kanye nemisebenzi yokuhlanzekisa.
Imisebenzi elawulwayo efana nokunisela ngamanzi kadoti, ukwenza amandla kagesi ngamanzi, ukuguqula isimo somoya , noma ukushaja futhi unqenqema ledwala noma unqenqema lomhlabathi elimunca amanzi.
Ukuqapha ukusetshenziswa kwamanzi okuqondene kanye.
Ukuxhumana nehhovisi lerijini laboMnyango wezaManzi namaHlathi.
imininingwane yomenzi wesicelo indawo lapho okuzosetshenziswa khona amanzi imininingwane yomnikazi wendawo isaziso ngomenzi wesicelo isazizo ngomnikazi wendawo ulwazi lapho okumele kuthunyelwe khona isitatimende se-akhawunti nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho yakho ikhophi eqinisekisiwe yetayitela leprophathi ikhophi eqinisekisiwe yesivumelwano sokuqasha ukulandela yonke imibandela edingekayo kumasevisi ezehlukene ezenzelwa isicelo.
Ubhaliso izothatha inyanga eyodwa.
Ngu-R114. 00 Lokhu kusebenza kuphela kwizicelo zelayisense.
